Unkosikazi kaZuma 'waxoshwa' ngungqongqoshe eNkandla – Ummeli

Durban – Omunye wonkosikazi bakaMengameli Jacob Zuma kuthiwa wayalelwa ukuba ahambe eNkandla nguNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso uDavid Mahlobo “njengoba kusaqhubeka uphenyo”.

Ummeli kaNompumelelo MaNtuli-Zuma uqinisekisile ukuthi yena nezingane ezintathu zakhe bahlala eGreytown, ngaphandle kwaseMgungundlovu.

Ephendula imibuzo yeNews24, u-Ulrich Roux, onguMqondisi we-BDK Attorneys, uthe kuyinto eyaziwayo ukuthi uMaNtuli akasahlali eNkandla.

"Ikhasimende lami laphuma eNkandla ngoJanuwari wonyaka odlule ngemuva kokuyalelwa ngungqongqoshe uMahlobo ukuba lihambe.

OLUNYE UDABA: UMaNtuli-Zuma ezinsolweni zokufakela umengameli ushevu

“Kumanje lihlala eGreytown nezingane zalo ezintathu ezisencane.”

Kuthe uma uMahlobo ecelwa ukuba aphawule wathi akuxhunyanwe nokhulumela uMnyango uBrian Dube otshele iNews24 wathi: "Ngeke ngikwazi ukuqinisekisa lokho.”

Okhulumela umengameli uBongani Ngqulunga uthe “umndeni kaZuma yiwo obhekene nalolu daba”.

NgeSonto, iphephandaba iSunday Sun lacaphuna imithombo ithi uMaNtuli, owashada noZuma ngo-2008, “akanawo umuzi” kanti uhlala “sakubhaca” endaweni esemakhaya.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 8501 votes
It's four more years for Trump
53% - 9658 votes
Vote
ZAR/USD
16.19
(+0.14)
ZAR/GBP
21.09
(+0.36)
ZAR/EUR
19.12
(+0.47)
ZAR/AUD
11.53
(+0.26)
ZAR/JPY
0.15
(+0.28)
Gold
1901.10
(+0.16)
Silver
24.25
(-0.69)
Platinum
872.00
(-2.61)
Brent Crude
41.25
(0.00)
Palladium
2346.00
(-0.90)
All Share
54890.88
(-0.81)
Top 40
50286.90
(-0.80)
Financial 15
10644.91
(-1.35)
Industrial 25
74457.36
(-0.60)
Resource 10
52092.66
(-0.89)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo