Pretoria –Kuzwakale umsindo omkhulu wenjabulo enkantolo ebigcwele phama ngesikhathi owesilisa oneminyaka engu-45 ubudala enqatshelwa ibheyili.
Lo mlisa ubhekene necala lokudlwengula isisebenzi sakhe nokusiphoqa ukuba senze izenzo zocansi nezinja zakhe. Ubevele eNkantolo yeMantshi yaseBronkhorstspruit ngoLwesine.
Abantu abebegcwele kule nkantolo bavele baphakamisa izingqwembe abebeziphethe ngesikhathi iMantshi uDavid Shikwambane enqaba isicelo sebheyili.
OLUNYE UDABA:Owesimame uphoqwe ukuba enze ucansi lomlomo nezinja
UShikwambane uthe umsolwa akakwazanga ukuchazela inkantolo ngokwanele ukuba le bheyili ayifunayo ihambisana nemigomo yezomthetho.
Ubuye wagcizelela ukuthi ngeke kwaqinisekiswa ezokuphepha kanye nodlame lomphakathi uma ekhishwa.
Lo mlisa egcina ukuvela enkantolo waveza ukuthi akazange amdlwengule lo wesifazane, kepha balala bevumelene ngenxa yokuthi babevele bethandana.