EMpumalanga – Unqatshelwe ibheyili owesimame ovele eNkantolo yeMantshi yaseNelspruit ngecala lokukhwabanisa, kubika iMpumalanga News.
USiphiwe Emily Mashinini oyengumabhalane enkampanini iMpumalanga Economic Growth Agency (MEGA), waboshwa wuphiko loKlebe ngoLwesihlanu ngamacala angu-36 okukhwabanisa, ukushushumbisa imali kanye nawokweba.
Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-9 Ephreli njengoba amaphoyisa esaqhubeka nophenyo.
Lo msolwa ubeshintsha izinombolo zama-akhawunti ezinkampani ezihlinzeka i-MEGA ngomsebenzi afake izinombolo ze-akhawunti yakhe noma ezihlobo zakhe, awalowo owayengumyeni wakhe uMike Mhlupheki, umngani wakhe uThulisile Petronella Nkundla kanye nomyeni wakhe uMfelani Louis Nkundla.
OLUNYE UDABA:Umfundi wezindaba uxoshelwe ukukhwabanisa kwa-SABC
Umsolwa waboshwa nabanye abasolwa ngo-2012 ngezinsolo zokuqola i-MEGA imali engaphezu kuka-R1 million, bonke bakhishwa ngebheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye.
Ngo-2013 laba banye abasolwa batholakala benecala bagwetshwa iminyaka engu-7 icala ngalinywe, kwangu-18 okweba, kodwa kwalengiswa iminyaka emihlanu ngemibandela yokuthi abatholakali benze ubugebengu obufanayo.
Ngaleso sikhathi kwadliwa umuzi kanye nezimoto ezimbili zakwaNkundla. Kwadliwa nomuzi wabazali bakaMashinini kanye nemoto yakhe yohlobo lwe-Tazz.
Kwakumele avele eNkantolo yesiFunda eGraskop ngomhlaka-5 Mashi ukuze kuqale ukuqulwa kwecala kodwa wahluleka ukufika kwaze kwakhishwa incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.