Cape Town – Umfundisi, 50, owaboshwa emasontweni amabili edlule ngokudlwengula umfundi, 15, unqatshelwe ibheyili eNkantolo yeMantshi yaseWynberg ngoLwesihlanu.
Le ndoda, echazwe “njengenceku yeNkosi ehlonishwayo emphakathini”, yaboshwa
ngemuva kokuthi amaphoyisa ebone imoto yayo isolisa indawo eyayipakwe kuyo
ePhilippi, kubika iWeekend Argus.
Kuthiwa lo mfundisi ubephinde enze umsebenzi wokuthutha izingane zesikole.
OLUNYE UDABA: Kusuke isidumo kusabalala i-video kathisha elele nomfundi eNquthu
Kuthiwa le ntombazane ibigibela imoto yakhe uma iya esikoleni, kanti yaqala ukuyigibela ngoJanuwari.
Ngelinye ilanga kuthiwa wazihambisa zonke ezinye izingane, wase esala nesisulu kanti uzosidlwengula.
Kuthiwa lo mfundisi uzimisele ngokuliphika leli cala, ngoba uthi akukho akwenzile.
Inkantolo ibe isimnqabela ibheyili ngenxa yokuthi usondelene kakhulu nomndeni wesisulu.
Icala lihlehliselwe u-Okthoba kanti kusalindwe nemiphumela yolibofuzo (DNA).