Unyaka omubi kwezokujabulisa kuleli

Johannesburg – Kukho konke ukujabula nempumelelo onyakeni, unyaka wango-2015 ubungunyaka wezinyembezi kwezokujabulisa eNingizimu Afrika njengoba kudlule osaziwayo abaningi kuyo.

Ukudlula kwalabosaziwayo kushiye isilonda esikhulu ezinhlizweni nasezingqondweni zethu.

Unyaka wango-2015 usithathele lezi zihlabani:

Flabba

Abalandeli beqembu lomculo iSkwatta Kamp basala beshaqekile ngoMashi kulo nyaka ngesikhathi bezwa ezibuhlungu zokudlula emhlabeni kukaNkululeko "Flabba" Habedi owagwazwa wabulawa yintombi yakhe emzini ose-Alexandra.

Simba Mhere

Ngomhlaka-31 Januwari sashiywa ngumethuli wohlelo lakumabonakude iTop Billing, uSimba Mhere owathathwa yingozi yemoto, yena nomngani wakhe omkhulu uKady-Shay O’Bryan.

David Masondo

Inyanga kaJulayi yafika nayo nezayo ezimbi njengoba kwadlula emhlabeni inkakha yezomculo wombhaqanga uDavid Masondo owayecula phambili kwiSoul Brothers. UDavid Masindo wadlula emhlabeni ngemuva kokulaliswa esibhedlela amasonto ambalwa ngenxa yokukhathala. Ngaleso sikhathi wayeneminyaka engu-67 ubudala.

R. Mashesha

Mmmmh....Kungakapheli zinyanga ezingakhi kwadlula isihlabani somculo weKwaito uR Mashesha weBig Nuz ngemuva kokugula isikhathi eside.

Prosper

Hhayi ukudlula kwaprojusa uProsper akugcina ngokushaqisa abaningi kodwa kwavela izinxushunxushu eziningi kulandela ukudlula kwakhe emhlabeni ngenxa yemibiko yabezindab ngabantu besifazane ababili uTina Jaxa noTina Mkwaiwa kubangwa imphahla yakhe.

Tiki "Sompisi" Nxumalo

Ohhe ukudlula kukaTiki "Sompisi" Nxumalo owayelingisa kwiGenerations owasishiya emhlabeni ngoJuni kwababuhlungu kakhulu. UTiki watholwa edindilize phansi ethule emzini wakhe oseThekwini kanti ngaleso sikhathi abomndeni basola ukuthi wayezama ukuyofuna usizo ngesikhathi eya phansi. UTiki wadlula eseneminyaka engu-65 ubudala emhlabeni aknti ubengenazo izingane.

Senyaka

Ukudlula emhlabeni kwenkakha yokulingisa nomculo uSenyaka Kekana kwababuhlungu. Ngokusho kwemibiko yabezindaba uSenyaka waphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kokukhala nge-sinus wabe eseshona ngemuva kwesikhashana engenile esibhedlela.

Roland Gqwebu

Awu kodwa ngenkakha yokulingisa eyadlula emhlabeni ngo-Agasti uRoland Mqebu owayedlala Emzini Wezinsizwa kumabonakude edlala indawo kaMkhize. Ukudlula kwale nkakha kwashaqisa abaningi kuleli ababengaphuthwa ukumbuka komabonakude babo.

UMqwebu walandelwa ngabanye ozakwabo ababili ayedlala nabo Emzini Wezinsiwa uMagubane owayeyinyanga ogamalakhe lokuzalwa nguShadrack Ngema noBafana Mlangeni owayedlala indawo kaSibeko.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 10285 votes
It's four more years for Trump
53% - 11502 votes
Vote
ZAR/USD
16.39
(-0.28)
ZAR/GBP
21.19
(+0.32)
ZAR/EUR
19.14
(+0.48)
ZAR/AUD
11.53
(+0.15)
ZAR/JPY
0.16
(+0.14)
Gold
1869.40
(-0.52)
Silver
23.33
(-0.34)
Platinum
851.01
(-2.06)
Brent Crude
39.48
(-4.73)
Palladium
2193.00
(-2.25)
All Share
51896.97
(-0.79)
Top 40
47576.46
(-0.74)
Financial 15
9756.70
(-2.69)
Industrial 25
72681.12
(-0.25)
Resource 10
47826.96
(-0.63)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo