UNgqongqohe wezokuThutha uBlade Nzimande ngoLwesihlanu unxuse ukuthi kube nophenyo oluqhubekayo kulandela izingozi ezintathu ezehlukene ezinyantisa igazi ezidlule nemiphefumulo yabantu abangu-31.
"Sizokwenza uphenyo olunzulu ukuze sithole imbangela yalezi zingozi ezintathu ezidlule nemiphefumulo yabantu abangenacala," kusho uNzimande.
"IRoad Traffic Management Corporation (RTMC) nombutho weSouth African Police Service (SAPS) baqhube uphenyo olubandakanya ukuthola ukuthi ngabe izimoto ezibandakanyekayo bezikulungele yini ukuba semgwaqeni, okungenzeka ukuthi kube yimbangela yezingozi."
UNzimande uphinde wayalela zonke iziphathimandla zomgwaqo ukuba zibe mehlomane ziphinde ziqaphe zonke izindawo ezidume ngezingozi.
OLUNYE UDABA: Senyukele ku-15 isibalo sabashone engozini e-KZN
Nokho, ugcizelele ngokuthi kusezandleni zabashayeli ukuba baqikelele ukuphepha ngendlela abaziphatha ngayo emigwaqeni yakuleli.
Uphinde waveza ukuthi unxuse iRoad Accident Fund ne-RTMC ukuba belule isandla basize imindeni yalabo abashonile baphinde "bayigone" kulesi sikhathi esinzima.
NgoLwesine ebusuku, itekisi ebelihamba ku-R33 ngaseGreytown, liphaphalaze laphuma emgwaqeni layokhalakathela eweni.
Ngokusho kombiko weKwaZulu-Natal Emergency Medical Services, bangu-15 abantu abashonile, kwathi abathathu balimala kabi.
NgoLwesithathu ekuseni, kwashona abantu abangu-13 ngesikhathi kugingqika ibhasi eSatansnek, ngaseNgcobo, e-Eastern Cape.
Abanye abantu abane bashona ngesikhathi ibhasi lakwaTranslux liphaphalaza ku-N6 phakathi kwePort Elizabeth neJamestown ngoLwesithathu ebusuku.