UPearl Thusi uchaza ngokungezwani noBonang, ‘nokungamthandi uTrevor Noah’

Johannesburg – Usaziwayo uPearl Thusi ugeqe amagula ohlelweni lukaGareth Cliff, enkundleni yokusakaza, iCliff Central, wachaza ngokungezwani noBonang Matheba "nokungamthandisisi" uTrevor Noah.

Ebuzwa ukuthi ngabe ukuba yinkukhu nempaka kwakhe noBonang kuhlangene nodaba lukaDJ Zinhle no-AKA, uThusi uphendule uthe: “Indaba yethu yasuka ngesikhathi ngibona ukuthi lo muntu engicabanga ukuthi ungumngani wami, empeleni uyimpisi embethe isikhumba semvu.

“Angizange ngikholwe ngesikhathi abantu bengitshela izinto ayezisho ngami ngesikhathi sisengabangani. Angimthandi umuntu ophakama ngokudicilela abanye phansi,” kuchaza uThusi.

OLUNYE UDABA: Ngabe uPearl ukhulumele uDJ Zinhle wasaphaza uBonang?

Uthi wakhetha ukuxebuka kuBonang ngoba akazwani nabantu abangamaxoki, ngokubika kweSunday World.

“Ngiyacabanga ukuthi ukungezwani kwami no-AKA kwadalwa ukuthi angizwani nentombi yakhe (uBonang),” ezikhulumela.

Ebuzwa ngokuthi kungani aveza ukuthi akamthandisisi kahle uTrevor Noah, uThusi uphendule wathi: “Ungumuntu onempakamo nokuzigqaja, uma nihlezi naye uyakwazisa ukuthi yena ungu’Trevor Noah’ futhi kumele kucace ukuthi uhlakaniphile kunabanye abantu asuke ehlezi nabo.”

Uthi uNoah uyathanda ukuzenza umuntu odume kakhulu kunabanye.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6759 votes
It's four more years for Trump
54% - 7873 votes
Vote
ZAR/USD
16.20
(+0.80)
ZAR/GBP
21.19
(+1.17)
ZAR/EUR
19.15
(+1.08)
ZAR/AUD
11.53
(+0.68)
ZAR/JPY
0.15
(+0.98)
Gold
1904.18
(-0.89)
Silver
24.65
(-1.13)
Platinum
886.00
(+0.28)
Brent Crude
42.06
(-3.35)
Palladium
2372.67
(-0.02)
All Share
54796.42
(-0.99)
Top 40
50276.84
(-1.23)
Financial 15
10376.28
(+2.34)
Industrial 25
74130.97
(-0.60)
Resource 10
52819.20
(-2.99)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo