Durban – Umphakathi uvuke umbhejazane washaya owesilisa okuthiwa ubulale omunye ngemuva kokuhlulwa emdlalweni wokungcweka KwaHlabisa, KwaZulu-Natal.
Kuthiwa lesi sigameko senzeke ngemuva komshado obusendaweni, kubika iSolezwe.
UThabiso Mlotshwa, 25, ubulawe ngumphakathi ngemuva kokuthi ebulale uMbuyiseni Gazu, 25, ngoba emhlulile kudlalwa izinduku.
Owamaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe kusolakala ukuthi uMlotshwa uhlulwe nguGazu kungcwekwa, wase eyolanda isibhamu esingekho emthethweni wase eyamdubula.
OLUNYE UDABA: Kuphume izidumbu intombi ibanjwa neshende
Lokhu kuwacasule kakhulu amalungu omphakathi abekhona njengoba evele ebamba uMlotshwa amtitinya washonela esibhedlela.
Ubaba kaMlotshwa, uSihle, uthe sibethusile isenzo sendodana yakhe: “Ubengahlali lapha ekhaya, ufike eze emshadweni evela eThekwini lapho ehlala khona nonina. Besingazi nokuthi unesibhamu.
“Kuthiwa udubule uGazu, wathi udubula okwesibili isibhamu sanxapha. Uthe esebaleka wakhutshwa yintshe wawa – yilapho ke umphakathi umhlasele khona.”
Uthe sebeyile kobhonga eswanini kwaGazu.