Bulawayo - Owesilisa wakwaBulawayo okhishwe ejele ngoshwele kaMengameli waseZimbabwe u-Emmerson Mnangagwa ngoMsombuluko, uphinde waboyiselwa ejele kulandela izinsolo zokweba endaweni yaseTshabalala.
Esendleleni eya ekhaya uRoland Ncube, 30, waeNkulumane kuthiwa ungene ngewindi lomuzi weba umabonakude, umakhalekhukhwini, izingubo zokulala nezokugqoka kanye nokudla, kubika iChronicle.
Amaphoyisa abenza umzungezo owejwayelekile kuleya ndawo yiwo ambone ephethe lezi zimpahla ngabo-23:00.
OLUNYE UDABA: Kudedelwe iziboshwa ezingu-3 000 ngoshwele eZimbabwe
UNcube ulivumile icala lokugqekeza ngesikhathi evele enkantolo, kepha watshela inkantolo ukuthi yena webe umakhalekhukhwini nomabonakude kuphela.
"Ngigqekezile ngabe sengeba umabonakude nomakhalekhukhwini wohlobo lweNokia kuphela, hhayi konke lokhu okunye okubalwayo," esho.
Icala lakhe libe selihlehliselwa umhlaka-6 Ephreli kanti yena uzogqunywa esitokisini.