Johannesburg – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane usekhale ngesimo senkundla e-Adokiye Amiesimaka Stadium kulandela ukuthi ezakhe zihlulwe ngo 3-1 yi-Enyimba kowe-CAF Champions League.
"Ezimeni ezifana nalesi sikuthola kunzima ukudlala ibhola. Sifisa sengathi besidlala enkundleni esezingeni elingcono,” kusho uMosimane ngemuva komdlalo.
Leli qembu laseChloorkop likuthole kunzima ukuhlangana kulo mdlalo ngenxa yenkundla ebigcwele amanzi, kwanezela nemvula enile umdlalo usaqhubeka.
OLUNYE UDABA: UTeko ubaluleke njengoManyisa - Pitso
"Ukube asizivalanga izikhala, i-Enyimba ibizofaka amagoli amaningi kunalawa. Bebesimpintshele ekhoneni,” esho.
"Isilimaze kakhulu indaba yenkundla nanokuthi abadlali bethu bancane ngomzimba uma beqhathaniswa nabe-Enyimba,” kusho uMosimane.