Johannesburg - Umphathi womculi uBabes Wodumo useshiye angalazikulabo abagxeka lo mculi ngokuthi akamazi uNgqongqoshe wezeMali uPravin Gordhan.
UBabes ubengundabamlonyeni ngoLwesihlanu ekuseni ngemuva kokuzwakala enkundleni yezokuxhumana ukuthi akazi ukuthi ngubanio uPravin Gordhan ngesikhathi ebuzwa jkuqhubeka ingxoxo.
OLUNYE UDABA: Asizona nakancane izilima, kusho uBabes Wodumo
Lokhu ubuzwe njengoba ungqongqoshe ecelwe ukuba avele emahhovisini amaphoyisa oKlebe ngezinsolo ezihlobene nophenyo olwenziwa ngabo-oKlebe ngeyunithi eyasongulwa kwa-SARS okusolakala ukuthi yasungulwa nguye lo ngqongqoshe.
Lo mculi izinze eThekwini ubexoxisana nabezindaba ezinsukwini ezimbili ezedlule eGoli.
Izinkundla zokuxhumana zibe seziphayiza elibomvu ngodaba lukaBabes.
Imenenja kaBabes Wodumo ikhuluma neTMG Entertainment imkhulumela yathi, "UBabes uthe akamazi ungqongqsohe. Inkinga wukuthi uma udumile abantu bakucaphaza ngakho konke," kusho uMampintsha.
"Okunye uma udumile abantu balindela ukuthi wazi wonke umuntu kanti uma uthi awumazi umuntu othile kuba yinkinga." Nakuba uBabes engamazi ungqongqoshe abalandeli bakhe basameseka.
Iningi labalandeli libuze ukuthi yena ungqongqoshe uyamnazi yini uBabes?
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho