Uqhubeka ngokwejwayelekile umsebenzi esikhumulweni sezindiza eGoli

Johannesburg - Isimo sibuyele kwesejwayelekile esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport ngoLwesibili.

Lokhu kulandela isimo esithuse abaningi ngesikhathi onogada bephoqeleka ukuba bakhiphe wonke umuntu obengaphakathi ngemuva kokutholakala kwesikhwama esingenamnikazi.

Okhulumela lesi sikhumulo sezindiza, uLeigh Gunkel-Keuler, utshele abeNews24 ukuthi lesi sigameko sikuphazamise kancane ukuphuma nokungena kwezindiza.

Uthi imibiko yokuthi bekunebhomu kulesi sikhwama ibingamahemuhemu agcine engaqinisekiswanga.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe osolwa ngokushushumbisa izidakamizwa e-OR Tambo Airport

"Amaphoyisa asaphenya ukuze kutholakale ukuthi yini ekulesi sikhwama," kusho yena.

Kubizwe uphiko lwe-K9 ngoMsombuluko kwacelwa abantu ukuba baphume ohlangothini lwabafikayo ngemuva kokutholakala kwalesi sikhwama ebesingenamnikazi.

Lokhu kwenzeke isikhathi esinganehora kuphela.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Katlego Mogale ukuqinisekisile lokhu wathi uphenyo lusaqhubeka.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
47% - 7517 votes
It's four more years for Trump
53% - 8644 votes
Vote
ZAR/USD
16.19
(-0.10)
ZAR/GBP
21.11
(-0.12)
ZAR/EUR
19.19
(-0.12)
ZAR/AUD
11.55
(-0.13)
ZAR/JPY
0.15
(-0.14)
Gold
1901.55
(+0.01)
Silver
24.57
(+0.10)
Platinum
902.03
(+0.40)
Brent Crude
41.85
(-1.66)
Palladium
2378.04
(+0.61)
All Share
55339.58
(+0.99)
Top 40
50692.28
(+0.83)
Financial 15
10790.70
(+3.99)
Industrial 25
74905.70
(+1.05)
Resource 10
52561.57
(-0.49)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo