URamaphosa uncome uJacob Zuma evula iPhalamende

Cape Town – Ethula inkulumo yakhe yokuqala ngesimo sesizwe uCyril Ramaphosa uqale ngokubonga umengameli ophumile uJacob Zuma.

Uthe uyayincoma kakhulu indlela uZuma alusingathe ngayo udaba obelunzima olugcine ngokukhishwa kwakhe esikhundleni.

Uthe kuhle ukuthi izwe likhohlwe okwenzekile ngaphambilini, liqale kabusha.

“Kumele sikhohlwe yikho konke okubi okuke kwenzeka ngaphambilini ngoba manje sekuyisiqalo esisha,” esho.

URamaphosa uthe ziningi kakhulu izinhlelo uhulumeni onazo ukuguqula izimpilo zabantu. Uphinde wathinta kakhulu nomnotho wezwe.

OLUNYE UDABA: Nakhu esikulindele kuMengameli wezwe namuhla

“Yize umnotho ubungenzi kahle, kepha sizamile ukwakha amathuba emisebenzi noma ebengenele ngenxa yesibalo esiphezulu sabantu abangaqashiwe kuleli,” esho.

Uthe kuwuhlelo lukahulumeni ukwehlisa izinga lokubiza kwempilo, ngoba lihlezi lenyuke njalo ekubeni abantu bakuleli badonsa kanzima.

Uthe izibonelelo zikahulumeni zidlale indima enkulu ekuqinisekiseni ukuthi balwa nobubha.

"Zisebenze kakhulu izibonelelo zikahulumeni ngoba zikwazile ukwehlisa isibalo sabantu abadla imbuya ngothi kuleli.

“Lezi zibonelelo zisiza okungenani abantu abayingxenye eyodwa kwezintathu ezweni,” esho.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 7001 votes
It's four more years for Trump
54% - 8102 votes
Vote
ZAR/USD
16.18
(-0.04)
ZAR/GBP
21.19
(-0.01)
ZAR/EUR
19.16
(-0.07)
ZAR/AUD
11.56
(-0.12)
ZAR/JPY
0.15
(-0.15)
Gold
1911.20
(+0.35)
Silver
24.79
(+0.47)
Platinum
891.00
(+1.19)
Brent Crude
42.50
(+1.69)
Palladium
2390.50
(+0.99)
All Share
55235.53
(+0.80)
Top 40
50687.89
(+0.82)
Financial 15
10410.53
(+0.33)
Industrial 25
74830.24
(+0.94)
Resource 10
53250.80
(+0.82)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo