Usagcwele izinkalo owasakaza ingane odongeni yashona

Cape Town - Usagcwele amathafa umlisa osolwa ngokusakaza ingane enezinyanga eziyisikhomba  ubudala odongeni yashona. 

U-Andisiwe Mnandi,24, ongumama wengane, uthi owayeyisoka lakhe ubulale ingane ePhilippi, eKapa ngeSonto ekuseni.

Uthi ubesandakuphuma ejele ngemuva kokuboshwa iminyaka emibili ngokweba esitolo.

Uthe ngesikhathi ededelwa wambiza wathi ufuna ukumbona. 

“Ngathi kulungile kodwa ngamtshela ukuthi senginengane nomunye umuntu, engingasathandani naye. Wathi ayikho inkinga, ungikhumbule nje kuphela,” kusho u-Andisiwe.

Funda nalolu daba: Bagwetshiwe abakhipha owesifazane amathumbu 'ngedawa'

Ngelanga elilandelayo, isoka laphinde lathi akafike nengane bazolala endlini yakhe. 

Kodwa kwaqubula ingxabano belele embhedeni ngakusasa ekuseni. 

“Wangicindezela phansi ngesikhathi silwa, ingane yawela phansi isuka embhedeni. Wangiphushela odongeni, wabamba ingane,” kuqhuba u-Andisiwe. 

“Wabamba ingane ngomlenze wayishayisa phezulu nasesigujini sikagesi. Ingane yathula ukukhala. Ngabona iphuma igazi ngezindlebe nangomlomo.” 

UCaptain Frederick van Wyk ukuqinisekisile ukuthi baphenya ngecala lokubulala. Wathi amaphoyisa athungatha uZukile Nakuphi, owaziwa ngelikaChangkura.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
14% - 49 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
26% - 91 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
61% - 215 votes
Vote
ZAR/USD
15.25
(-0.28)
ZAR/GBP
20.32
(-0.03)
ZAR/EUR
18.18
(-0.33)
ZAR/AUD
11.24
(-0.45)
ZAR/JPY
0.15
(-0.34)
Gold
1805.90
(-0.17)
Silver
23.18
(+0.01)
Platinum
957.00
(-0.13)
Brent Crude
47.75
(-1.52)
Palladium
2372.00
(+0.67)
All Share
57804.11
(-0.21)
Top 40
53010.01
(-0.14)
Financial 15
11713.12
(+0.58)
Industrial 25
79681.17
(-0.39)
Resource 10
52631.61
(-0.30)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo