Johannesburg - Izingane zakhe ezimbili eneminyaka emibili ubudala neneminyaka emihlanu ubudala zazihlezi zimtshela ukuthi ziyashiselwa futhi zibona isipoki kodwa uSbonelo Masikane wayecabanaga ukuthi ziyazidlalela nje.
Yize kunajalo kugcine kuvelile ukuthi kuyiqiniso okushiwo yizingane ngoLwesine ngesikhethi kutholakala amathambo omuntu egcekeni.
OLUNYE UDABA: Kutholwe amathambo omuntu ngasesiteshini samaphoyisa
UMasikane oneminyaka engu-32 ubudala waseDube Village enyakatho neTheku wathola ngamathambo omuntu ngesikhathi emba umgodi wethoyilethi egcekeni.
UMasikane utshele iDaily Sun ukuthi: "Izingane zami zazihlezi zihayiza kanti kwesinye isikhathi ngangicasuka ngithi ziyaqina.
"Kodwa ngoLwesine ngithole ukuthi bezingaqambi amanga."
UMasikane uthe usehlale emzini wakhe isikhathi esingaphezu konyaka kanti futhi akekho oseke wamtshela ngokugqitshwa kwesidumbu somuntu egcekeni.
"Ngisashaqekile ngoba ababehlala la ngaphambilini abazange basho luthi ngesikhathi bengidayiseka umuzi ngoMashi ngonyaka ophelile.
UMasikane uthe ngemuva kokuthola la mathambo umndeni wakhe wawuhambisa ezihlotsheni eziseduzane eZimangweni.
""Kufanele ngithole umelaphi wendabuko ozongisiza angixoshele lemimoya. Udaba sengilubikele namaphoyisa."
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe kuzohlolwa isidumbu ukuze kuzotholakala imbangela nosuku lokushona kwalo muntu nokuthi ungubani. Kuvulwe idokodo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter