Usekude ukuphela umzabalazo wokubhema insangu ngokukhululeka

Johannesburg - Ubukeka usekude ukuphela umzalabalazo wamaRasta aseKokstad eningizimu yesifundazwe saKwaZulu Natal wokulwela ukubhema umthunzi wezinkukhu ngokukhululeka kuleliya dolobha nokuthi anikezwe umhlaba wawo wokuwulima.

Lokhu kubonakale ngoLwesithathu ngesikhathi emasha ngaphandle kwenkantolo yaseKokstad, lapho bekuyovela khona omunye wozakwabo uRas {Mnu} Bandile Gcaleka obhekene necala lokutholakala nensangu.

Uboshwe ngoLwesibili ngesikhathi etholwa nensangu edolobheni. Icala lakhe lihlehliselwe umhla ka 3 wenyanga ezayo.

AmaRasta akuleliya dolobha ayaveva njengoba engaqali ukumasha.

Akhala ngokuphathwa kabi amaphoyisa endawo ngoba ethi ababophela isitshalo (insangu) esadalwa ngophezulu (uJah) futhi esiyimpilo kubo okusho ukuthi uma bevinjwa ukuthi basidle lesi sitshalo kusho ukuthi banqatshelwa ilungelo labo lokuphila.

Nakuba bebembalwa, umyalezo wabo uzwakele njengoba imashi yabo ithathe ilanga lonke behubha insangu phakathi edolobheni.

Okhulumela amaRasta aseKokstad uRas Bandile Sango uthi bazomasha baze bayongena egodini uma iziphathimandla zikahulumeni zingazigqizi-qakala izikhalo zabo.

Emasontweni edlule samasha safaka izikhalazo emaphoyiseni kodwa kuthe singekaphendulwa naku sesibona omunye uRasta wethu eboshwa” kusho uRas Sango. Uthe basamile kwizicelo zabo zokungahlukunyezwa koRasta eKokstad ngoba insangu bazibhemela bona futhi kabanalo udlame, kabantshontshi nokuthi abayidayisi kumbe abenzi bhizinisi ngayo.

“Okubuhlungu nje eKokstad sibhekelwa phansi, vele ubone sekuma iveni yamaphoyisa uzihambela nje, ubone ususeshwa amaphoyisa ubuzwa ukuthi ikuphi insangu. Itekisi eligibele uRasta livinjwa lnjalo kufunwa le nsangu,” kusho uRas Sango.

OLUNYE UDABA: Izigebengu zihlalise lubhojozi abashayeli eKokstad

Uthe kumanje balungiselela ukuhlangana nezikhulu zomkhandlu lapho beyofaka khona isicelo sokuthi banikezwe umhlaba wabo abazolima kuwona isitshalo sabo esadalwa ophezulu.

Imenenja yomkhandlu waseKokstad uMnu Lulamile Mapholoba uthe akanankinga namaRasta futhi amukelekile kodwa bona kakukho abangabasiza ngako ngoba udaba lwensangu olukaZwelonke.

“Isicelo sabo sizosidlulisela eMnyangweni wezeMpilo ngoba insangu isidakamizwa esingavumelekile kuleli okwamanje njengoba sazi ukuthi le ndaba ibisaxoxwa phezulu,” kusho uMnu Mapholoba.

Okhulumela amaphoyisa aseKokstad uKhapteyini Dumisani Ncongo uthe bona bazoqhubeka nomsebenzi wabo wokubopha abantu abatholakala nensangu ngoba ngokolwazi lwabo ayikavumeleki futhi ukumasha kwamaRasta kakusho ukuthi isivumelekile.

“Kuwumbhedo ukuthi siwabhekela phansi kumbe siyawaxhaphaza, uma kunesivimba-mgwaqo kasibheki ukuthi uyiRasta yini kodwa sisesha wonke umuntu singabhekile ukuthi ungubani” kusho uKhapteyini Ncongo.

Uthe bazoqhubeka nomsebenzi wabo futhi uma amaRasta ekholelwa ukuthi avumelekile ukubhema insangu esidlangalaleni akeze nento ebagunyazayo ngaphambili ibhekwe ukuthi igunyazwe wubani.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
37% - 2513 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 1785 votes
No, I don't think they need it
37% - 2494 votes
Vote
ZAR/USD
15.09
(-0.16)
ZAR/GBP
21.02
(-0.23)
ZAR/EUR
18.22
(-0.19)
ZAR/AUD
11.62
(-0.25)
ZAR/JPY
0.14
(-0.54)
Gold
1734.50
(+0.02)
Silver
26.67
(+0.05)
Platinum
1186.51
(+0.42)
Brent Crude
64.40
(-2.56)
Palladium
2310.00
(+0.58)
All Share
66138.05
(-1.99)
Top 40
60754.30
(-2.11)
Financial 15
12200.05
(-1.09)
Industrial 25
86144.34
(-0.81)
Resource 10
67459.85
(-4.14)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo