Johannesburg - Usenkantolo yendawo uthisha wesikole samabanga aphansi eKlerksdorp eNorth West ngamacala angu-8 okunukubeza ngokocansi.
Lo thisha ungaphandle ngebheyili ka-R5 000. Lokhu kuza ngemuva kwezinsolo zokuwotawota inqwaba yabafundi ngenyanga edlule.
Ngemuva kokuzwa ukuthi omunye wabafundi ubikele amaphoyisa ngalokhu, abanye abazali bavule amacala afanayo esiteshini samaphoyisa.
OLUNYE UDABA:Zimkhalele uthisha osolwa ngokupansa abafundi
Iningi labafundi bakulesi sikole latshela abazali babo ukuthi banukubezwa ngokocansi kusukela ngonyaka odlule.
Amaphoyisa aphenya udaba kwaholela ekutheni lo thisha aboshwe.
Amaphoyisa athi maningi amacala aqhubekayo okunukubeza ngokocansi angakabikwa.
Khonamanjalo, uMnyango wezeMfundo eNorth West uthi umsolwa uselivini njengoba kuqhubeka uphenyo.
- SABC