Durban – Uyelulama esibhedlela owesifazane waseMalvern ngemuva kokulunywa yizinja ezine.
USumenthra Moodley, 33, ohlala eMalvern aphinde asebenzele khona kule ndawo, ubevakashela abazali bakhe abahlala kuDawson Road ngesikhathi ehlaselwa yizinja zakulomuzo abahlala kuwona abazali bakhe ngoLwesihlanu.
Omunye umuntu osondelene kakhulu nomndeni, ongafunanga kudalulwe igama lakhe, uthe uMoodley ubezisaba izinja.
Funda nalolu daba: Indoda ibhaxabule unina ngoba engaphekanga
Kuthiwa umnikazi wazo ubemile phambi kwesango ngesikhathi uMoodley efika ngezithuba zabo-10.30 ekuseni.
UKuthiwa ubengaphandle kwesango uMoodley ngesikhathi umnikazi womuzi emtshela ukuthi akangene ngeke zimenze lutho izinja.
Kuthiwa uthe engena nje ngaphakathi, izinja zambamba, enye yazo yamgxavuna emqaleni, nokuthe uma ezama ukuzibamba umnikazi wazo zamluma iminwe, kubika iDaily News.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.