London - Lowo owayengumdlali weBafana Bafana uSteven Pienaar useqokwe njengenxusa lokuqala le-Everton emazweni omhlaba.
Lo mdlali, 36, osethathe umhlala phansi waqala ukudlala ibhola kwi-Ajax Cape Town youth academy wabe esenyuselwa eqenjini elikhulu, ngaphambi kokuba alibhekise e-Europe, nokuyilapho adlalela khona iBorussia Dortmund, Tottenham, Sunderland, kanjalo namaToffees imidlalo engaphezu kwengu-200.
UPienaar, odlalele iBafana Bafana imidlalo engu-60, ubeke phansi amakhokho ngoJanuwari ngesikhathi eseshiya i-Bidvest Wits.
OLUNYE UDABA: Umqeqeshi akeneme ngokudlala ekuhambeni
Ekhuluma ngomsebenzi wakhe omusha, uPienaar kwi-website ye-Everton uthe: “Ngayithanda ngosuku lokuqala nje ngisayina kuyona le kilabhu futhi ngiyabonga ngokuba yinxusa layo.
“I-Everton Football Club iyikilabhu ebalulekile kumina futhi ngibheke ngabomvu ukuqhubezela phambili ubudlelwano bethu, nokusiza ekusabalaliseni izwi lemisebenzi emihle eliyenzayo.