Johannesburg - Umndeni kaNomaba Luzipho, 76, otholwe eyisidumbu emzini wakhe osePeddie e-Eastern Cape, ucela noma ngubani ongase abenolwazi ngokubulawa kwakhe ukuba eze ngaphambili.
Okhulumela umndeni uSahlulele Luzipho uthe, “okwenzekile akusishiya sishaqekile kuphela kodwa kuyizindaba ezishaqisa kakhulu.
OLUNYE UDABA:Usashaqekile umndeni wowanqunywa ikhanda eThekwini
"Siyathemba ukuthi amaphoyisa azokweza umsebenzi wawo. Sifuna umenzi wokubi noba abenzi bobubi babhekane nengalo yomthetho.”
Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu idalule ukuthi udlwenguliwe wabe esedutshulwa amahlandla amaningi.
Umufi ubehlala kwaMaxaxa Village ngaphandle kwasePeddie.
- SABC