Bulawayo - Owesifazane waseBulawayo ushaqise imantshi ngesikhathi efuna ukuba kuncishiswe imali yesondlo sengane esikhishwa owayengumyeni wakhe.
Lo wesifazane, uPrevious Mashanu, ngesonto eledlule wancenga imantshi yaseBulawayo uCollen Chiruma ukuba yehlise inani elikhishwa ngu-Albert Muzondo ngoba le mali inkulu kakhulu futhi engasenawo amandla.
UMashuna ufuna imali yehle ngo-$40 njengoba uMuzondo ebekhipha u-$120.
OLUNYE UDABA:Owesifazane ubulawelwe imali yesondlo sezingane e-KZN
Imantshi ebingakukholwa ebikuzwa isichithile isicelo salo wesifazane.
UChiruma uthe angeke avunyelwe uMashanu ukuba afake isicelo sokwehlisa imali yesondlo esikhundleni sikaMuzondo.
"Angeke ngikwazi ukwehlisa imali ngoba kusho wena. UMuzondo kuzofanele azifakele yena isicelo enkantolo. Kufanele abeke izizathu phambi kwenkantolo bese inkantolo ithatha isinqumo."