Usho ukuthini umbala wamafinyila akho?

Ottawa - Ukubuka amafinyila akho kufana nokubuka indle yakho - sonke siyakwenza kodwa siyesaba ukusho.

UDokotela uRaj Sindwani waseCleveland Clinic Head & Neck Institution udalula ukuba amafinyila ajwayelekile nganjani kanti angajwayelekile wona nganjani.

OLUNYE UDABA: 'Ukuzimeteza' kuvimba imikhuhlane-Ucwaningo

Imibala yamafinyila ephuma ekhaleni lakho:

Acwebile: Unamafinyila ajwayelekile; abukeka njengamanzi anama-protein, antibodies nosawoti. La mafinyila ahlezi ekhona kanti isikhathi esiningi ehla ngomphimbo ayoncibilika esiswini.

Amhlophe: Aminyene, usuke ucinene ungakwazi ukuphefumula kahle okuyizimpawu zomkhuhlane.

Aphuzi: Unomkhuhlane omubi, mkhuhlane wakho awupheli uyaqhubeka.

Aluhlaza njengotshani: Amasosha akho omzimba alwisana nomkhuhlane. La mafinyila ashubile mabi.

A-Pink noma abomvu: Amafinyila akho anegazi.

Ansundu: Angase abeyigazi. Kungenzeka nokuthi uhogele ukungcola, isinemfu(insu) noma upaprika(ucurry powder).

Amnyama: Uma ungabhemi noma ungasebenzisi izidakamizwa unamafinyila amnyama kufanele uphuthume uyobona udokotela uma ungakayi kuye.

Okunye futhi okufanele ukwazi:

Ugwinya futhi wenza amafinyila amaningi ngosuku alinganiselwe ku-1.5 quarter.

Uma kumakhaza khuphuma uketshezi oluningi oluzigijimelayo emakhaleni  futhi isikhathi esiningi lulenga kancane ekhaleni. Lolo ketshezi alusiwo amafinyila kodwa lungamanzi enziwa umoya obandayo odlulayo, kubika iHuffingtonPost.ca.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
10% - 20 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
21% - 41 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
69% - 134 votes
Vote
ZAR/USD
15.16
(+0.33)
ZAR/GBP
20.26
(+0.24)
ZAR/EUR
18.08
(+0.22)
ZAR/AUD
11.19
(-0.01)
ZAR/JPY
0.15
(+0.11)
Gold
1809.28
(+0.00)
Silver
23.29
(+0.42)
Platinum
962.00
(+0.39)
Brent Crude
47.75
(-1.52)
Palladium
2387.00
(+1.33)
All Share
58078.18
(+0.27)
Top 40
53242.40
(+0.30)
Financial 15
11885.40
(+2.06)
Industrial 25
80121.33
(+0.16)
Resource 10
52566.78
(-0.42)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo