Newcastle – Kume konke ukusebenza kumgwaqo uScott Street ngoMsombuko owesilisa ezithanqaza phansi kusukela kwibhilidi elikhulu.
Ngokusho kwabazibonele ngawabo, lo mlisa okuthiwa uneminyaka engu-26 ubudala uzithanqaze kwibhilidi elaziwa ngokuthi i-Absa Bank Building emini seligamenxe ihora lesibili.
OLUNYE UDABA:Uzibulele umfundisi owabulala efuna ukulala nesidumbu
“Bengisesitolo ngesikhathi kwenzeka lokhu, ngizwe ngowesimame ememeza uma ngiphuma ngibone ngomzimba usudindilizile,”kusho owesilisa ongumnikazi wesitolo kule ndawo.
Umama obekhala ebona lo mlisa esacazeka phansi uphuthunyiswe esibhedlela saseMadadeni ukuyoxilongelwa ukuthuka.
Amaphoyisa asaphenya ngembangela yokushona kwalo mlisa, kubika iNewcastle Advertiser.