Pietermaritzburg - Umfana oneminyaka eyisikhombisa ubudala ushonile, kwalimala kabi nenye ingane ngesikhathi beshayiswa yitekisi.
Lokhu kwenzeke emgqaweni uSweetwaters ePietermaritzburg ngoLwesihlanu ntambama, kusho abezimo eziphuthumayo.
"Ngesikhathi abe-ER24 befika endaweni yesigameko ngemuva kwehora lesine, bathole umfana elele eduze komgwaqo,"kusho u-Ineke van Huyssteen okhulumela abe-ER24.
OLUNYE UDABA:Bathathu abashone ezingozini ezenzeke eWestern Cape
Ngeshwa lomfana ubelimele kakhulu futhi kungekho okungenziwa ukuhlenga impilo yakhe.
Enye ingane elimale kabi kulesi sehlakalo iphuthunyiswe esibhedlela bengakafiki abe-ER24.
Imbangela yale ngozi ibingakaqondakali kahle kodwa amaphoyisa ayaphenya.