Usinde ngokulambisa kudubuleka itekisi

Johannesburg - Usinde ngokulambisa umshayeli wamatekisi, uThabo Mogolola,31, ngemuva kokudutshulwa kwetekisi yakhe.

Itekisi abehamba ngayo idutshulwe ngamaphoyisa ngesikhathi edubulana nezigebengu ebezizama ukuphandla eCentral City Mall eMabopane, ePitoli ngoLwesibili.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseLoate uSergeant Thembi Nowathe, amaphoyisa ancinzwe indlebe ngumuntu odayisa emgwaqeni.

“Ofonele amaphoyisa uwatshele ngabalisa abane abaphethe izibhamu abagcaluza ngasenxanxatheleni yezitolo. Siphuthume khona.”

“Izigebengu zishaqekile zibona amaphoyisa, zabesezibaleka,” usho kanje, waqhuba ngokuthi bekungakacaci okwamanje ukuthi bebezobamba siphi isitolo noma ibhange.

Funda nalolu daba: Ingane ithanqazeke phansi efulethini yashona

Bekungakaboshwa muntu. Izigebengu zibalekile, imoto ebezihamba ngayo zayishiya eCV Section eWinterveld.

Nakuba kungalimalanga muntu, abashayeli bamatekisi uThabo noNeo Molomane,27, bacishe bathelwa amachaphazelo.

UThabo uthi ubeqeda kwehlisa abagibeli ngesikhathi inhlamvu yesibhamu ingena ngewindi langemuva.

“Ngidumise imoto ngokushesha, ngabaleka ngayongena erenki ngoba bengifuna ukuma endaweni ephephile,” usho kanje.

UNeo uthi ubelinde intombi yakhe ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu.

“Ngiphume emotweni, ngabaleka ngayongena e-salon eseduzane. Angikaze ngithuke kanjeyana empilweni yami – bengicabanga ukuthi ngizofa. Ngemuva kwesehlakalo ngibone itekisi yami idubulekile ilambu langemuva.”

Laba balisa bavule icala esiteshini samaphoyisa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When planning for the Black Friday sales do you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Save, research and plan ahead, preparing to make the most of it?
8% - 945 votes
Wait and see what looks like a good deal on the day?
14% - 1787 votes
Have no interest in spending more money this year?
78% - 9822 votes
Vote
ZAR/USD
15.26
(-0.57)
ZAR/GBP
20.35
(-0.29)
ZAR/EUR
18.16
(-0.51)
ZAR/AUD
11.20
(-0.16)
ZAR/JPY
0.15
(-0.57)
Gold
1810.74
(+0.10)
Silver
23.32
(+0.28)
Platinum
953.00
(-0.42)
Brent Crude
47.84
(+3.78)
Palladium
2329.00
(-0.36)
All Share
57769.67
(+0.01)
Top 40
52972.37
(-0.15)
Financial 15
11673.26
(-0.01)
Industrial 25
79889.63
(-0.30)
Resource 10
52588.53
(+0.04)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo