Eastern Cape - Amalungu e-ANC asebenzise umngcwabo kaMakhenkesi Stofile njengesigcawu sokugxeka uMengameli wezwe uJacob Zuma.
Yize iPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa egxeke oKlebe ngendlela abaphethe ngayo udaba lukaPravin Gordhan, kubika iTimeslive.
“Uma isikhungo sikahulumeni kumele sense umsebenzi, asiwenze ngendlela engaphazamisi umnotho wezwe, kungaveli nakwamanye amazwe ukuthi silwa sodwa siyizwe,”kusho yena.
OLUNYE UDABA:UMengameli uqokele indodakazi yakhe esikhundleni esiphezulu
USipho Pityana ongumqondisi kumnyango wezokuxhumana namazwe ngamazwe uthi yibona abazibekele lezi zingqinamba ezibabuyisela emuva.
“Uma inkantolo yoMthethosisekelo ikuthola unecala lokuphula izifungo zehhovisi lakho, lokhu kusho ukuthi asuwenakho ukuthembeka,”kusho uPityane.
Lo mqondisi uqhubeke wathi, uma uMengameli ube khona kulo mngcwabo ubezoshweleza kuyena, amuncenge aze aguqe athi, “Msholozi, Nxamalala mfowethu shiya manje sekwanele.”