Usuvuliwe u-N3 ngaseMooi River yize kunesiminyaminya

eThekwini - Umphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal Transport uMxolisi Kaunda ukugxeke kakhulu okwenzeke kuthela-wayeka u-N3 eMooi River ngeSonto ebusuku.

Bangaphezu kuka-50 abantu ababoshiwe ngemuva kokushiswa kwamaloli angaphezu kuka-20 ngesikhathi umphakathi ubhikisha.

UKaunda uchaze lombhikisho njengesenzo sokuphula umthetho.

Uthi umnyango wakhe uzizwile izikhalo zabashayeli bamaloli ngokuqashwa kwabokufika njengembangela yalo lonke lolu thuthuva olwenzekile.

Uncome ukusebenza kwamaphoyisa ukuze kulawulwe lesi simo futhi kuboshwe nabenzi bobubi.

OLUNYE UDABA:Kulindeleke ukuba kuvele ababoshwe embhikishweni onodlame ku-N3

Kuphoqeleke ukuba uvalwe lo mgwaqo ukuze kucinywe umlilo walawa maloli ngoba kuze kwasa amanye esavutha.

Iziphathi mandla zezomthetho zisebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi isimo siyalungiswa ukuze uvulwe umgwaqo.

Lo mgwaqo uze wavulwa emini ngoMsombuluko yize amaphoyisa exwayise abashayeli ngokuthi bashayele ngokuqophelela futhi babe nesineke njengoba sizoba sikhulu isiminyaminya.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Would you choose to continue working from home after the coronavirus lockdown if given the option?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, it's much better for me
40% - 7748 votes
No ways! I can't wait to get back to the office
12% - 2258 votes
A mixture of both would suit me best
48% - 9391 votes
Vote
USD/ZAR
14.24
(-1.1)
GBP/ZAR
19.65
(-0.9)
EUR/ZAR
17.04
(-1.1)
AUD/ZAR
11.03
(-0.7)
JPY/ZAR
0.13
(-0.9)
Gold
1,750.49
(+0.8)
Silver
25.64
(+0.9)
Platinum
1,193.50
(+1.7)
Brent Crude
66.58
(+4.6)
Palladium
2,742.00
(+2.3)
All Share
67,795
(-0.0)
Top 40
62,077
(-0.0)
Financial 15
12,297
(+1.1)
Industrial 25
88,644
(-0.2)
Resource 10
68,913
(-0.2)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo