Uswele umgodi wokucasha unozinti wePirates

Durban - Uswele umgodi wokucasha unozinti we-Orlando Pirates uJackson Mabokgwane abalandeli bale kilabhu bemuchapha ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana.

IBucs ihlulwe ngo-2-1 yiBloemfontein Celtic kowe-Absa Premiership ngoLwesibili kusihlwa idlalela ekhaya, kubika ILANGA.

UMabokgwane obesezintini kulo mdlalo ugxekiwe ngamagoli amungenele kulo mdlalo.

Abalandeli beBucs bahlulekile wukuzibamba bamuthuka udede.

Abanye baye ngqo ekhasini lakhe likaFacebook bamuqhulula ngenhlamba.

OLUNYE UDABA: IPirates engozini yokulahlekelwa ngunozinti

Omunye ozibiza ngoSiphesihle Mapa Phirison uthe: "Fillipe Ovono, Brighton Mhlongo noJackson Mabokgwane must futsek," ngemuva kwalokho ebabiza ngaphansi kweziketi zonina.

Leli phephandaba lishayela uMabokgwane uthe: "Ngiyayibona le nhlamba abangithuka ngayo ngiswele umgodi wokucasha. Ngiyafisa ukuziphendulela kodwa ngicela uqale ushayele uThandi Merafe wezokuxhumana ekilabhini ukuba anginike imvume kuqala bese sixoxa," esho.

Kuthintwa uMerafe uthe: "Izindaba zebhola asizikhulumi manje, sivalile. Njengoba ngikhuluma nawe nje ngiseholidini eThekwini ngihamba nomndeni wami."

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 5969 votes
It's four more years for Trump
54% - 7043 votes
Vote
ZAR/USD
16.33
(+0.68)
ZAR/GBP
21.36
(-0.24)
ZAR/EUR
19.37
(+0.49)
ZAR/AUD
11.60
(+0.00)
ZAR/JPY
0.16
(+0.00)
Gold
1924.70
(+0.75)
Silver
25.19
(+1.81)
Platinum
888.00
(+1.95)
Brent Crude
43.05
(+1.28)
Palladium
2404.50
(+0.63)
All Share
55291.65
(+0.04)
Top 40
50851.73
(+0.00)
Financial 15
10050.78
(+0.95)
Industrial 25
74973.30
(-0.79)
Resource 10
54148.84
(+0.67)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo