Johannesburg – Umculi owayeyilungu le-African National Congress (ANC) ePhalamande, uJennifer Ferguson, uthi isinqumo sakhe sokuvulela umengameli we-Safa, uDanny Jornaan, icala lokudlwengula akubanga ngesilula.
UFerguson uvule icala esiteshini samaphoyisa eParkview Police Station ngeledlule kanti namaphoyisa asekuqinisekisile ukuthi alidlulisele ePort Elizabeth.
Ngonyaka odlule, uFerguson usole uJordaan ngokumdlwengulela kwelinye lamahhotela asePort Elizabeth ngo-1994.
OLUNYE UDABA: Ishonile indoda eshayiswe yimoto yayo eGoli
Ekhuluma ohlelweni luka-Eusebius MacKaiser, uFerguson uthe bekumele kube nesinyathelo asithathayo.
“Akubanga yisinqumo esilula, futhi ngiyaluqonda uhambo olunzima engizifaka kulona ngalokho, nokuwuhambo olubuhlungu ezisulwini zokudlwengulwa. Siyayazi indlela lezi zinto ezingaguqulwa ngayo.”
UJordaan waziphika lezi zinsolo, wathi ufuna ukugeza igama lakhe enkantolo.