Uthi usezogxila ekushumayeleni oshiye kuMuvhango

Johannesburg - Umlingisi uPhindile Gwala odlala indawo kaNonny emdlalweni kamabonakude udalule ukuthi uhlela ukugxila ekubeni ngumshumayeli.

Lo mlingisi udalule lezi zindaba ngemuva kokumemezela ngokushiya emdlalweni kamabonakude iMuvhango etshengisa ku-SABC 2.

UGwala ubekhuluma emsakazweni iMetro FM ohlelweni lwasekuseni iFresh Breakfast, echaza ukuthi kungani ekhethe ukwesula kulo mdlalo owuchungechunge ngemuva kokuba kuwo iminyaka emihlanu.

OLUNYE UDABA:'UNonny' uvalelisile kuMuvhango

"Ngiyashiya ngoba sekuyisikhathi. Kufana nokuthutha ekhaya, ithuba lokuzimela selifikile. Uzikhokhele irenti, uzithengele igilosa yakho nezinye izinto," usho njalo.

UGwala udalule ukuthi waqala ukushumayela ngoFebhuwari ngonyaka ophelile nokuthi uhlela ukuqhubeka nakho.

"Ngike ngishumayele kwezinye izinkonzo esontweni. Ngaqala ngonyaka odlule ngoFebhuwari. Abazali bami bangabafundisi, abasibo abafundisi abadumile noma labo bezinyoka. Akusilo ibandla elinjalo. Ibandla elidala. Ngishumayela eCaleni, eTembisa futhi ngihlezi ngikhona enkonzwnei ngaphandle uma ngisebenzela kude," usho njalo.

UGwala wazakhela igama ngemuva kokudlala indawo kaNonny kuMuvhango kusukela ngo-2013, lapho abedlala khona indawo yomuntu ozikhululekele futhi othandekayo.

Lo mlingisi useke wasabalalisa ngezithombe zakhe eme epulpiti esontweni eshumayela.

 - Tshisalive

 - IZITHOMBE:

I will never stop... When God calls???? #GodIsTooMash

A post shared by Phindile Owner Gwala (@phindilegwala) on

Unfortunately I'll never STOP! I cannot trade these moments for anyone/ anything. Happy Easter ??

A post shared by Phindile Owner Gwala (@phindilegwala) on

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 7159 votes
It's four more years for Trump
54% - 8267 votes
Vote
ZAR/USD
16.19
(-0.08)
ZAR/GBP
21.15
(+0.19)
ZAR/EUR
19.18
(-0.17)
ZAR/AUD
11.57
(-0.17)
ZAR/JPY
0.15
(-0.03)
Gold
1910.65
(+0.31)
Silver
24.73
(+0.20)
Platinum
903.00
(+2.61)
Brent Crude
42.50
(+1.69)
Palladium
2389.00
(+0.92)
All Share
55402.11
(+1.11)
Top 40
50817.54
(+1.08)
Financial 15
10593.39
(+2.09)
Industrial 25
74918.06
(+1.06)
Resource 10
53181.40
(+0.69)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo