Uthishanhloko ubiza othisha ngamahlathi

Durban - Kuqubuke izinsolo ezimbi ngothishanhloko waseManzamhlophe Combined School, eNgoje oPhongolo, enyakatho yeKwaZulu-Natal, uMnu Themba Thabethe okuthiwa udla imali yesikole.

UMnu Thabethe ubuye asolwe ngokuthi akabafuni othisha abanombono ongaphezulu kowakhe. Kuthiwa ubafaka amasondo kungonakele lutho.

Kubikwa ukuthi ngemuva kokuba kuxoshwe othisha abane abebewusizo olukhulu kubafundi balesi sikole, imiphumela yabafundi bakamatikuletsheni ithande ukubheda. Leli phephandaba linalo uhlu lwamagama alabo thisha. Abanye babo bajika nelanga emakhaya. 

Kuthiwa asebexoshiwe baqale ukuphakamisa amehlo ngonyaka wezi-2013 lapho khona bebelokhu bebuza ngokunyamalala kuka-R24 000 okuthiwe ngowokwakha ikhishi lesikole no-R15 000 okuthiwe uzokwakha indlu kanogada wesikole kodwa namanje lutho kazikabi khona lezo zinto.

Kuthiwa usimende nezingodo kubolela kwelinye igumbi lesikole. Umthombo uthi isikole kasikho simeni esihle. Amabhodwe okuphekelwa ngawo abafundi alala phandle.

Ebusuku kufika izinja ziwakhothe nezinye izilwane ziyangena zenze ezikuthandayo. Kubikwa lolu daba nje, kuvele kunolunye olukhulu lokunyamalala kwesheke lesikole lika-R78 000 namanje akekho ozimisele ngokulivuma.

ILANGA lithole ukuthi leli sheke ngelaseFirst National Bank kanti lishintshwe eVryheid ngowezi-2013. Negama lesisebenzi esilishintshile ILANGA linalo.

Kuthiwa le mali elahlekile ibigcinwe esisefweni se-strongroom yesikole. Ukhiye we-strongroom kuthiwa uhlala kuMnu Thabethe.

"Sithwele kanzima kulesi sikole siwumphakathi walapha eNgoje. Sisabalwa nezakudala. Sicela ungqongqoshe ubaba uDlungwane angenelele kulesi sikole ngoba konakele.

"Ngikhuluma nje mancane amathuba okuthi izingane zibe nomcimbi wokuvala unyaka ekubeni zikhokhile. Lokhu sikusho ngoba kukhona esesikuzwile.

"Okusiphatha kabi wukuthi namacala ayavulwa kodwa aphelele emoyeni, amaphoyisa ungabe usawezwa ukuthi athini. Singakuthokozela ukubuyiswa kwalabo thisha abahanjiswe ngoba nakhu bephumele obala ngokungahambisani nenkohlakalo edla lubi kulesi sikole," kusho umthombo.

Ethintwa ngalolu daba uMnu Thabethe, uqale wafuna amagama aphelele entatheli. Uphike wema ngentaba ukuthi ikhona imali eke yalahleka esikoleni.

Usole othisha abangasekho kulesi sikole wababiza ngamahlathi azama ukucekela phansi igama lesikole naye qobo lwakhe.

Udonse ngendlebe ILANGA ukuba lingalinge lilubhale lolu daba ngoba uzolifaka kubameli bakhe. "Akukho sheke elike lalahleka kulesi sikole. Ngiyagcizelela ukuthi uma kwenzeka lushicilelwa lolu daba, ILANGA ngizolifaka enkantolo. Angazi ukuthi kunenkohlakalo lapha esikoleni. Wena qhubeka uyobhala okuthandayo," kuphetha uMnu Thabethe.

Ethintwa omunye walabo thisha abangasekho esikoleni, uthe okwamanje usajika.

 "Incwadi engimiswe ngayo ibhalwe umhla lulunye kuNhlaba ngonyaka ophelile. Nokho-ke ngikwamukele ukumiswa kwami. Ngiqale ukubukwa njengomuntu oyisitha nothishanhloko ngesikhathi ngihlangana nomunye uzakwethu sibuza ukuthi ngabanjani abasayinelwa imali yokugibela uma beya kuma-workshop kodwa thina kasiyitholi. Okulandele lapho kube wukuthi  kungene udaba lwezimali zesikole.

"Ngibuze ukuthi kungani engaboshwa umuntu ohlala alale nokhiye we-strongroom ngoba kakugqekezwanga lapho kunemali khona. Nesisefo kasigqekezwanga.

"Ngenxa yalowo mbuzo ngithwale kanzima. Engizishaya ngakho isifuba wukuthi abafundi isifundo sami bebesiphasa ngamalengiso. Umnyango ngizowunikeza konke okudingayo ngakolwami uhlangothi," kuphetha lo thisha. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe ungqongqoshe walo mnyango, uMnu Mthandeni Dlungwane uyisitha senkohlakalo.

"Kuzojutshwa ithimba lomnyango elizohamba liyobheka lokhu okukhalwa ngakho laphaya. Sizosilandela lesi simo. Ungqongqoshe ngeke akubekezelela ukuthi kuxhashazwe izimali ezinkulu ngenhloso yokuthi kuhlomule umuntu oyedwa nje. Inhloso enkulu kababa uDlungwane wukuba kuthuthukiswe imfundo ukuze kugqame ikusasa labafundi nentsha yethu," kuphetha uMnu Mthethwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani  Zwane, ukuqinisekisile ukuvulwa kwamacala esiteshini samaphoyisa asoPhongolo kodwa elokuntshontshwa kwesheke lilaliwe ngenxa yokungahlangani kobufakazi.

"Icala lavulwa labuye lavalwa esiteshini samaphoyisa asoPhongolo kodwa uma kungenzeka kuvele ofakazi, lingavuka," kusho uMnu Zwane.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When a Covid-19 vaccine for under 16's becomes available, will you be taking your children to get it?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, immediately!
37% - 2406 votes
I'll wait to see how others respond
26% - 1734 votes
No, I don't think they need it
37% - 2410 votes
Vote
ZAR/USD
15.09
(-0.16)
ZAR/GBP
21.02
(-0.23)
ZAR/EUR
18.22
(-0.19)
ZAR/AUD
11.62
(-0.25)
ZAR/JPY
0.14
(-0.54)
Gold
1734.50
(+0.02)
Silver
26.67
(+0.05)
Platinum
1186.51
(+0.42)
Brent Crude
64.40
(-2.56)
Palladium
2310.00
(+0.58)
All Share
66138.05
(-1.99)
Top 40
60754.30
(-2.11)
Financial 15
12200.05
(-1.09)
Industrial 25
86144.34
(-0.81)
Resource 10
67459.85
(-4.14)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo