Uthuke woma owezwa ngesihlobo ukuthi umyeni uyamdivosa

eFolweni - UNtombenhle Thembane, 43, uthi waphoxeka kabi ezwa ukuthi umyeni wakhe uyamdivosa engakaze amtshele lutho.

"Ngahlangana nomyeni wami ngo-1994 ngisafunda wahamba wayongicela ekhaya wathi ngizoqeda umatikuletsheni sengihlala naye.

"Walobola ngo-1999. Sesishadile wayenazo izimpawu zokuthi uzongishiya ngelinye ilanga kodwa ngangingazinaki.

"Lokhu kwakubonakala ngokuthi wayenokuhamba anyamalale engafuni nokusho ukuthi ubuya kuphi," kusho yena.

 Uthe umyeni wakhe wamdivosa ngo-2012 kodwa okumenze waxhumana nabe-Solezwe wukuthi ufuna ukuxwayisa abesimame ngemikhuba yamadoda.

OLUNYE UDABA:Uthuke woma ezwa ukuthi umama wezingane uhlela umshado wabo ngasese

UThembani uthi yena nomyeni wakhe bashada umshado ohlanganisa amafa kodwa waphuma emshadweni engenayo ngisho indibilishi.

"Sengitholile ukuthi umyeni wami wafaka isicelo sokuhlukanisa, ngathola ummeli kodwa wahluleka ukungitshela ukuthi luzobuyela nini enkantolo lolu daba.

"Ngiphume emshadweni ohlanganisa amafa ngingenalo nesenti yize benginommeli."

Uthe okubuhlungu kakhulu wukuthi akasebenzi njengoba umyeni wakhe wamtshela ukuthi amakhosikazi aganele kubo awasebenzi kufakenele anakekele umndeni.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6979 votes
It's four more years for Trump
54% - 8089 votes
Vote
ZAR/USD
16.17
(+0.06)
ZAR/GBP
21.19
(+0.01)
ZAR/EUR
19.14
(+0.04)
ZAR/AUD
11.55
(-0.00)
ZAR/JPY
0.15
(-0.06)
Gold
1909.20
(+0.24)
Silver
24.72
(+0.19)
Platinum
889.49
(+1.06)
Brent Crude
42.50
(+1.69)
Palladium
2392.00
(+1.05)
All Share
55236.34
(+0.80)
Top 40
50683.31
(+0.81)
Financial 15
10432.08
(+0.54)
Industrial 25
74836.97
(+0.95)
Resource 10
53203.27
(+0.73)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo