eThekwini - Usathukule owesilisa oneminyaka engu-23 ubudala ozithele ezinjeni ebezidla ugebhezi lomuntu eMandeni, ngoMsombuluko ntambama.
UPaul Dunn, waseNewlands West uthe ubevakashele umkhulu wakhe eMangethe, eMandeni ngesikhathi ebona izinja zibangisana ngogebhezi lomuntu.
“Bengilibangise esitolo ngesikhathi ngibona izinja zinqamula esimobeni ziya ngasehlathini elinezihlahla elibuqamama nasegcekeni.
OLUNYE UDABA: Ubuyela inkantolo owabiza iphoyisa ngekhafula
Ngithe uma ngibuya ngabona sezidlala ngento ebibukeka sengathi ibhola. Uma singibukisisa le nto edlala izinja, ngibone sengathi yikhanda lomuntu.
Lo mlisa uthi akawakholwanga amehlo akhe waze wabiza nabanye abantu ukuba bazomubonisa ukuthi kuqhubekani lapha.
ISolezwe libika ukuthi lo mlisa uthuke kakhulu ngesikhathi esethola isiqiniseko sokuthi ngempela lezi zinja zikamakhelwane zibangisana ngogebhezi lomuntu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi namuhla kuzofunwa isidumbu emuva kokutholakala kogebhezi lomuntu luhudulwa yizinja ngoMsombuluko.
Uthe amaphoyisa athintwe yilungu lomphakathi liwabikela ngokutholakala kogebhezi.
“Izinja zibonwe yilungu lomphakathi zihudula ikhanda. Bekuwugebhezi olungenasikhumba. Ilungu lomphakathi libe selishayela amaphoyisa ucingo libika ngalokhu,” kusho uZwane.
UZwane uthe abazi noma umuntu wesifazane noma wesilisa yini ngoba alisabonakali ikhanda ukuthi elomuntu owubulili buni ngenxa yokonakala. Uthe kungenzeka ukuthi umuntu osekunesikhathi eshonile.