Harare – UMengameli Robert Mugabe uthi abelungu bafika eZimbabwe bafuna ukuyenza eyabo, bakushaya indiva ukuthi “okungekhona okwakho akusoze kwaba ngokwakho”.
UMugabe,93, ubekhuluma emngcwabeni ngoLwesine lapho encome khona abantu abafana nowayeyiphini likamengameli uJoseph Msika ngokulwisana nombuso wabamhlophe.
"Uma ufika endaweni yami bese uthi ngeyakho, ngizokulwisa. Yilokho abantu abafana noJoseph Msika ababelwisana nakho,” kusho uMugabe emngcwabeni kamfelokazi kaMsika, uMaria Msika,89.
OLUNYE UDABA: Uchithe ubusuku besibili esitokisini umfundisi owaboshwa
"Abelungu bafika eZimbabwe bafuna ukuyenza eyabo bakhohlwa ukuthi okungekhona okwakho akusoze kwaba ngokwakho noma ngabe ukulwela kanjani,” kubika iHerald eNational Heroes Acre eHarare.
UMugabe wasungula uhlelo olunodlame lokuphuca abelungu umhlaba eZimbabwe ngo-2000
Kubantu abamhlophe ababalelwa kwabangu-4 000 ababenomhlaba, balinganiselwa emakhulwini ambalwa abasala.