Johannesburg - Uselushiyile uhlelo lomculo iLive Amp umethuli wezinhlelo zakumabonakude nezasemsakazweni, uLerato Kganyago osekuphele iminyaka emibili elwethula.
Lolu hlelo ludlala njalo ngoLwesihlanu ku-SABC 1 ngezithuba zabo-19:30.
Lo methuli ekhuluma nabezindaba iSowetan izolo kulandela isimemezelo sokushiya kwkahe ohlelweni, uthe ukholwa wukuthi sesiphelile isikhathi sakhe kulolu hlelo.
"Ngijabulile ngokuthi nginikeza omunye umuntu ithuba lokuzibonakalisa."
OLUNYE UDABA:Esikumabonakude sithi abantu abayeke ukukhala bazenzele
ULerato uthe ufuna ukuzama ezinye izinto ezintsha, anikeze namabhizinisi akhe isikhathi sakhe, wadalula nokuthi vele inhloso kwakungesikho ukuhlala isikhathi eside kulolu hlelo.
ULerato ujoyine uDJ Warras kwiLive Amp enababuke abangaphezu kwabangu 4 million ngo-Ephreli 2016.
Esitatimendeni, iphrojusa u-Akhumzi Jezile oyiphrojusa yohlelo uthe: "Bekumnandi ukubukela uLerato ekhula kanye nohlelo. Akungabazeki ukuthi uzophumelela kunoma yini azoyenza njengoba uthando analo nentshisekelo anayo kwezokujabulisa kuyikho okumenze wahlala ewulo muntu anguye kwaze kwafika ekugcineni."