Cape Town – U-Eugene Plaatjies, owalahlwa yicala lokushaya ingane yakhe enezinyanga ezintathu izelwe, yagcina ngokushona, uzogwetshwa yiNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.
Le ndoda yaseMontagu yalahlwa amacala okubulala, ukungayinakekeli ingane nokushaya ngenhloso yokulimaza, ngo-Ephreli.
Umama wale ngane, uLouise Alkaster, wathola isigwebo seminyaka emihlanu esilengisiwe ngemuva kokuvuma icala lokungayinakekeli ingane.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala ingane ngoba izimoshele
Ngesikhathi evela enkantolo, usonhlalakahle uCharlene Demas wethula ubufakazi wathi uPlaatjies, 24, wayengakholwa ukuthi usana lwakhe lushonile.
Ummangalelwa wayelokhu eliphike njalo icala kwaze kwaba liyamlahla, ngenxa yalokhu uDemas wathi uPlaatjies kumfanele ukuya ejele.
Ukuhlolwa kwesidumbu ngo-2014 kwaveza ukuthi le ngane yayinezibazi eziningi zokulimala emzimbeni, okubalwa nokuklayeka kogebhezi lwekhanda.