Durban - Owesilisa waseMlazi ukhala uyazithulisa ngemuva kokuhlaselwa amadoda abehamba ngetekisi amsike indlebe efuna ukumbamba inkunzi.
UBongani Ndlovu,41, uthi ubeseClairwood ehlanganyele nomqashi wakhe obezomnika imali abemkweleta yona, kubika iSolezwe.
OLUNYE UDABA:Amaphoyisa acela ukufuniswa izigebengu ezidlwengule unogada
Uthe esehlukana nomqashi wakhe kwaqhamuka itekisi enamadoda amathathu bethi akagibele ngoba baya lapho eyangakhona.
“Angilutha lamadoda athi ayazi ukuthi ngiyaphi, kodwa sengiphakathi angishaya ngesidunu sesibhamu afuna uR300,”kusho yena.
Uthi wasola lapho ukuthi lamadoda ayazi ukuthi uphethe malini ngoba bamfuna imali elingene le ayeyiphethe.
"Bavele bangishaya laphoke baze bangisika indlebe ngommese,"kusho yena.