Uyakhala umndeni wowesilisa 'oshaywe ngamaphoyisa' eNewlands

eThekwini - Izinyembezi zigcwala amehlo entombazaneni ezibonele ngawayo ngesikhathi iphoyisa lithela ngenduku ubaba wayo, kujame umqondo ivukwe yisilokozane uma ichaza ngesihluku esenziwe kubaba wayo emini kubuka wonke umuntu.

UThandiwe Makhanya, 25, kanye nomndeni bafuna ubulungiswa ngephoyisa elitalabhe ubaba wakhe, laze lamphusha wawela emseleni wadabuka ikhanda.

UMakhanya uthi kunzima nokuthi akhulume nobaba wakhe njengoba umqondo usujamile emuva kwalesi sigamako esishiye umphakathi waseNewlands West, eWestrich, ukhungathekile.

Le ndodakazi kaChristopher Hlongwa oneminyaka engu-48 ubudala, ithi bekwenziwe umcimbi wesintu ekhaya kubo ngempelasonto kanti lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko lapho abantu bebezolanda izigqoko.

“Ubaba ubehleli nabangani bakhe kuphuzwa njengoba bekunomsebenzi lapha ekhaya, babe sebedlalisana nomunye wabangani bakhe ube esethatha ubhushu kwezinye zezisebenzi zikamasipala ebezisebenza emgwaqeni.

"Lo mngani wakhe yena ubephethe ummese, kuthe kusenjalo kwaqhamuka amaphoyisa. Kwehle elinye iphoyisa lathatha ubhushu kwehla nebelishayela imoto. Ubaba wone ngokuthi awathuke ngabe sengimxolisela, angitshela ukuthi angimthathe ngimfake endlini njengoba ubedakiwe,” kulandisa indodakazi ebikhala mi izinyembezi.

OLUNYE UDABA:Kugwilize umfundi ebhukuda nabangani emfuleni eThekwini

UMkahanya uqhube wathi inkinga iqale ngesikhathi ubaba wakhe eseyoshaya ibhonethi yemoto yamaphoyisa ebehamba ngayo sakudlala, wabe uzithintele eziqandini. Iphoyisa libe selimtitinya ngenduku. Uthi enye ingalo kababa wakhe kayisebenzi kahle, futhi unensimbi onyaweni.

“Liphume liqhasha njengenhlavu iphoyisa ebelishayela imoto, lamthela induku isikhathi eside, lathi lisuka lapho lamphushela emseleni we-drive way engenela ekhaya. Kuke kwajama ingqondo ubaba ngimbona enganyakazi, ngibe sengiya kuyena ngifuna ukumqukula ngimkhiphe emseleleni.

“Kube wumzukuzuku njengoba ubefana nomuntu ofile enganyakazi kwakunyakaza, angikwazanga ukubamba izinyembezi sengibona igazi ligcwele ubuso, enengozi ekhanda kuphume inyama emhlophe. Kulowo mzuzu amaphoyisa ebesekade ehambile njengoba eshaye ithayi abaleka,” kusho indodakazi.

Omunye ozibonele kwenzeka lesi sigameko obengaphakathi emagcekeni njengoba bekulandwe izigqoko onqabile negama lakhe, uthe indlela okwenzeke ngayo ibathusile. Ufanise la maphoyisa nabantu abanonya ngendlela abamhlukumeze ngayo uHlongwa. 

“Ngikutshela ukuthi sonke ebesizolanda izigqoko kulo muzi sisale sikhungathekile, yazi kube nzima ngisho ukuqhubeka nezidlo ebezixhaphakile. Ubaba lo (uHlongwa) simhlonipha kakhulu kule ndawo, kodwa sidumele ngendlela amaphoyisa enze ngayo," kusho lesi sakhamuzi. 

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal uColonel Thembeka Mbhele uthi kumele ubaba ayovula icala, ukuze bezokwazi ukuphenya lolu daba.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Will you continue to use WhatsApp following the company announcing a change terms of service which would force users to share personal data?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, the terms of service do not bother me enough to switch
52% - 6581 votes
No, I will be switching over to a new service
44% - 5636 votes
I've never used WhatsApp
4% - 504 votes
Vote
ZAR/USD
15.22
(-0.06)
ZAR/GBP
20.67
(-0.12)
ZAR/EUR
18.39
(-0.15)
ZAR/AUD
11.63
(-0.51)
ZAR/JPY
0.15
(-0.42)
Gold
1827.50
(+0.01)
Silver
24.75
(+0.10)
Platinum
1070.99
(+0.29)
Brent Crude
54.89
(-2.34)
Palladium
2377.00
(+0.59)
All Share
63549.75
(-0.52)
Top 40
58446.35
(-0.49)
Financial 15
11916.89
(+0.01)
Industrial 25
83811.01
(+0.08)
Resource 10
63855.25
(-1.46)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo