Johannesburg - UJoseph Molangoane ukhale ngaphansi ecaleni abelivulele iChippa United kulandela ukuphuma kwesinqumo se-PSL Dispute Resolution Chamber (DRC).
UMolangoane uphoqelekile ukuthi abuyele kumaChilli Boys kulandela ukungaboni ngasolinye naleli qembu mayelana nobude benkontileka yakhe, kubika iPhakaaathi.
Lo mdlali uthi inkontileka yakhe naleli qembu elizinze ePort Elizabeth yaphela ngesizini eyedlule, wase esayina neKaizer Chiefs.
I-PSL DRC isiyalele ukuba idatshulwe inkontileka yalo mdlali neChiefs.
OLUNYE UDABA: I-Chippa United isimanqikanqika ngokuthatha uMasuku
“Uphoqelekile manje ukuba abuyele kuChippa United,” kusho uSihlalo weChippa, uSiviwe Mpengesi.
“Kube yibhadi ukuthi le ndaba igcine ezithebeni zaleli komidi. Abalandeli beChippa bayazifela ngoMolangoane, futhi iqembu alikaze limxoshe.
“Umnyango siwuvulile. Uma efuna ukuhamba ngeke simvimbe. Uma kukhona iqembu elifunayo, izandla zethu zivuliwe ukuba kuxoxiswane,” esho.