Durban – Owesifazane oneminyaka engu-19 ubudala osolwa ngokuzenza udokotela wenhliziyo, uzovea eNkantolo yeMantshi yasePolokwane, eLimpopo, ngecala lokukhwabanisa.
UMaria Mokgobu waboshwa oKlebe emahhovisi oMnyango wezeMpilo ngoJuni, elinde ukuyokwenza inhlolokhono kulandela ukufaka isicelo somsebenzi.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe ummeli mbumbulu ngemuva kweminyaka eyishumi esebenza
UMokgobu zamkhalela ngemuva kokuthi izikhulu zoMnyango zaba nokusola ngesitifiketi sakhe, okuthiwa kwakungesasenyuvesi yaseMelika.
OKlebe bathi waqamba amanga ku-CV yakhe wathi uneminyaka engu-32 ubudala, kepha ingekho inombolo kamazisi noma umazisi oqinisekisa lokhu, kubika i-SABC.
UMokgobu ungaphandle ngebheyili ka-R5 000.