Johannesburg – Umama wengane yomfana eneminyaka engu-13 ubudala eshone ngemuva kokulimala ilwa namabhoklolo esikoleni uyaveva ngendlela othisha abasingathe ngayo lolu daba.
Umfundi owenza u-grade 7 kanye nomfowabo kukholakala ukuthi besekunesikhathi behlukunyezwa ngamabhoklolo esikoleni.
NgoLwesihlanu kuthiwa umfana waphinde washaywa ngabanye abafana ngesikhathi evikela umfowabo.
Washonela kubo ngoLwesibili ngemuva kokulimala ekhanda.
Umama wengane eneminyaka engu-13 ubudala, eligodliwe igama lakhe, uthi ukuba isikole saluthathela phezulu udaba lokuhlaselwa kwezingane zakhe, indodana yakhe ngabe isiphila namanje.
OLUNYE UDABA: Kushone ingane yesikoleni ngemuva kokulwa namabhoklolo
“Ngithole incwadi ephuma esikoleni ngaziswa ukuthi bekwaziwa ukuthi izingane zami zake zahlukunyezwa yilezi zingane phambilini, kodwa kwangenziwa lutho.”
Uthi indodana yakhe ibinothando futhi ingumuntu onakekelanayo.
“Yayingafuni ezinye izingane zihlukumeze umfowabo omdala.”
Kuvulwe icala emaphoyiseni.