Johannesburg - Umdlali wasesiswini weNingizimu Afrika, uMothobi Mvala, usexolisile ngokukhishwa kwakhe ngekhadi elibomvu ngesikhathi bebhekene neBrazil kowama-Olympic.
UMvala ukhishwe ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-58 kulandela ukudlala kabi umdlali weBrazil, kwadingeka ukuba iNingizimu Afrika idlale ingasaphelele.
Funda nalolu daba: kunconywa umqeqeshi ngokuqoka uKhune
“Ngiphatheke kabi kakhulu ngokuthola ikhadi elibomvu futhi ngenze iphutha elikhulu, kodwa bekumele kubekhona engikwenzayo kulesiya simo,” kusho uMvala.
“Ngifuna ukuxolisa kozwakwethu nasesizweni sonke, ngikholelwa ukuthi ngifunde isifundo ngephutha engilenzile.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.