Lichtenburg – Owesilisa, 46, uzinikele emaphoyiseni kulandela izinsolo zokuthi uvulele ngenhlamvu ebhekise kubabhikishi, kwashona umfana, 15, eLichtenburg, eNorth West.
UBrigadier Sabata Mokgwabone utshele iNews24 ukuthi le ndoda izinikele ngabo-22:00 ngoLwesibili ebusuku.
Lo mfana udutshulwe kuBoikhutso Road ngoLwesibili ekuseni, ngesikhathi indoda ebihamba ngemoto emhlophe iphume emotweni yayo yase ivulela ngenhlamvu ibhekise kubabhikishi.
"Ukuboshwa kukamsolwa kulandela ukubulawa komfana, 15, uStander Tshukudu waseBlydeville, kwathi abanye ababili balimala," kusho uMokgwabone.
OLUNYE UDABA: Amaphoyisa ayazihlangula kulandela ukushona kombhikishi
"Lesi sigameko sandulelwe wudlame obeluqhubeka emphakathini lapho kusolakala khona ukuthi umphakathi waseBlydeville wokhele iloli ngomlilo ku-R503 (Lichtenburg-Coligny Road) ngasebhilidini lakwa-Agricor."
Le ndoda kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseLichtenburg ngoLwesine ibhekene necala lokubulala nelokuzama ukubulala.
UKhomishana wamaPhoyisa eNorth West, uLieutenant General Baile Motswenyane, ucele ukuba umphakathi wehlise amaphaphu.
Sekutshalwe amaphoyisa kuleya ndawo ukuba aqaphe isimo.