Uzishumpule umunwe ebongela abathole ibheyili

Bangalore  - Usomabhizinisi uzinqume umunwe ekhombisa ukubonga kwakhe kunkulunkulu wakhe ngemuva kokuba abaholi beqembu eliphikisayo eNdiya,  uSonia noRahul Gandhi, bethole ibheyili enkantolo, ngokwemibiko yangeSonto.

U-Induvalu Suresh, 35, uzishumpule ucikicane ngenyanga edlule ngaphambi kokuba azibophe ngemali eyiphepha, wabe eseyishiya ethempelini lamaHindu njengomnikelo, ngokombiko weTimes of India.

Lo somabhizinisi waseRamanagara ngaseningizimu yedolobha iBangalore uthe wathembisa ngokwenza into engajwayelekile uma laba benikezwa ibheyili.

Funda nalolu daba: Kubulawe 18 kuhlaselwa ezitolo

“Ngigoqe umunywe ngemali engamaphepha engu-1 000 rupee (R248) ehambisana nencwadi yokubonga unkulunkulu ngokunikeza uSonia noRahul ibheyili, ngabe senginikela ngayo ethempelini,”kusho uSuresh ephephandabeni.

“Angizwanga zinhlungu ngesikhathi ngizinquma. Ngokuhamba kwesikhathi ngiye esibhedlela esiseduze kwethempeli, ngatshela udokotela ukuthi umunywe wami unqamuke ngesikhathi ngikhanda imoto,” usho kanje.

Laba baholi bakwaGandhis, beqembu leCongress Party baboshwa ngenyanga edlule ngezinsolo zokuxhaphaza izimali zephephandaba elaliphethwe yilo mndeni.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
13% - 260 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
24% - 471 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
63% - 1259 votes
Vote
ZAR/USD
15.25
(+1.19)
ZAR/GBP
20.35
(+1.10)
ZAR/EUR
18.29
(+0.74)
ZAR/AUD
11.21
(+1.23)
ZAR/JPY
0.15
(+1.35)
Gold
1808.48
(+1.69)
Silver
23.58
(+4.22)
Platinum
989.00
(+2.48)
Brent Crude
47.66
(-0.77)
Palladium
2421.00
(+2.58)
All Share
57441.46
(+0.61)
Top 40
52673.63
(+0.57)
Financial 15
11188.87
(+0.27)
Industrial 25
79034.12
(+0.09)
Resource 10
53435.84
(+1.39)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo