Uzithole esesenkingeni obecele u-lift emotweni ethile

Durban – Izikhulu zase-Eastern Cape sezibophe owesilisa, 29, obanjwe eshayela imoto okusolakala ukuthi yebiwe ene-number plate okungeyona futhi ingenayo i-disc.

Kule moto kuthiwa umsolwa ubehamba nomuntu obecele u-lift engazi nokuthi lidumephi.

Le ndoda iboshwe ngeSonto amaphoyisa abenza umzungezo owejwayelekile kuGrahamstown Highway.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Mali Govender uthe ngoMsombuluko amaphoyisa ebenze isivimbamgwaqo ku-N2 ngesikhathi ebona iToyota Corolla esuka ngaseGrahamstown ilibangise ePeddie.

OLUNYE UDABA: Kuhlawuliswe ikhehla ngokushayela imoto eyebiwe

“Le moto ivele yashaya i-U-turn yaphindela emuva eGrahamstown. Amaphoyisa abe eseyayijaha ayifica ase ayikhipha emgwaqeni.

“Kutholakale ukuthi ayinayo i-disc kanti futhi i-number plate ibikokoteliwe. Uthe uma ephekwa ngemibuzo umshayeli kwacaca ukuthi uhubhuza amanga.”

Kuthe uma kuseshwa imoto kwatholakala i-remote yesango kanye ne-disc yangempela ngaphansi kwesihlalo sakhe.

Umgibeli obecele u-lift udedeliwe, uthi ubethathwe ePort Elizabeth. 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 4636 votes
It's four more years for Trump
54% - 5498 votes
Vote
ZAR/USD
16.46
(+0.25)
ZAR/GBP
21.39
(-0.21)
ZAR/EUR
19.40
(-0.31)
ZAR/AUD
11.67
(+0.37)
ZAR/JPY
0.16
(+0.32)
Gold
1907.44
(+0.38)
Silver
24.53
(+1.43)
Platinum
858.00
(-0.41)
Brent Crude
43.06
(0.00)
Palladium
2324.99
(+0.65)
All Share
55161.03
(+0.21)
Top 40
50741.94
(+0.09)
Financial 15
9977.80
(+3.10)
Industrial 25
74762.95
(-0.61)
Resource 10
54129.95
(-0.07)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo