Mpumalanga - Owesilisa,39, ongumshayeli wamatekisi ubhekene namacala amasha okudlwengula abesimame yize adedelwa ngoshwele ejele.
Inkantolo ikhiphe isiyalo sokuthi le ndoda iyoxilongwa ingqondo kulandela imibiko yokuba nodlame olukhulu kanye nokungalawuleki, kubika iCitizen.
OLUNYE UDABA:Kuthungathwa obulale umshayeli wetekisi elayisha erenki
Inkantolo isho lokhu kulandela isicelo sabashushisi sokuthi uThulani Happy Dhlakute athathwe njengendoda enobungozi kakhulu emphakathini futhi anikezwe udilikajele.
Kuthiwa lendoda yakhishwa ejele ngoshwele ngemuva kokuhlala iminyaka eyisithupha kwisigwebo seminyaka engu-40 ngamacala okudlwengula.
Ithe iphuma ejele yaqhubeka lapho yagcina khona. Phambilini walahlwa amacala okudlwengula abesimame abangu-12, awokuzama ukubulala ezinye izisulu zakhe kanye nawokugqekeza.