Cape Town - Umsakazi wodumo ophinde abe ngu-DJ ezindaweni zobumnandi kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eKapa ngoLwesine ngemuva kokuboshwa ngoKlebe etholakala nezidakamizwa kanye namali emzini wakhe.
OKlebe babophe lona wesilisa kanye nomunye umuntu emzini oseTamboerskloof ngoLwesibili.
Abezobunhloli kanye namaphoyisa bathole izidakamizwa ezingabiza u-R2.6m ngentengo yasemgwaqeni kanye nemali engafinyelela ku-R300 000, kusho okhulumela oKlebe uCaptain Philani Nkwalase.
OLUNYE UDABA: I-EFF izoqinisa ezokuphepha kulandela imibiko yetulo lokubulala uMalema
Izidakamizwa zihlanganisa ezohlobo lwe-cocaine kanye ne-MDMA, edume ngomgwinyo.
Igama lo msolwa liyaziwa yiNews24 kodwa ngeke lidalulwe kuze kube uvela enkantolo.