UZuma ushaye phansi ngonyawo etshelwa ukuthi akehle esikhundleni - Malema

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma umile kwelokuthi wenze konke okuhambisana nemiyalelo yomthetho ngakho ngeke ehle esikhundleni, ngokusho kwabaholi bamaqembu aphikisayo, uJulius Malema noBantu Holomisa.

Lokhu kulandela umhlangano obubanjwe phakathi kukaZuma nezikhulu ezikwiTop 6 ye-ANC ngeSonto.

"Unqabile ukwehla esikhundleni, wabatshela ukuthi abasithathe bona isinqumo sokumkhipha ngoba akenzanga lutho oluphambene nomthetho ezweni. Uthi uyilandele yonke imiyalelo yomthetho ehlanganisa nalowo othi akakhokhe imali, yini enye abayifunayo,” kusho uMalema ku-Twitter.

Umholi we-UDM uBantu Holomisa naye usho okufanayo ngoZuma, wathi uMengameli uZuma uyena ozokwethula inkulumo yokuvula iPhalamende ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Iyaqhubeka eLuthuli House imashi ye-Hands Off Zuma

"'Yimina ozokwethula i-SONA'‚ kusho uZuma‚ etshela ubuholi be-ANC ngemuva kokwesabisa ngokuhoxisa umhlangano ngoba befike sekwedlule isikhathi.

"Kusakhala isicathulo sika-JZ. Ngakho akukashintshi lutho,” kusho uHolomisa ekhuluma ngokwenzeke emhlanganweni.

Bayanda abantu abathi uCyril Ramaphosa‚ osengumengameli we-ANC, akathathe izintambo kuZuma ngaphambi kokhetho lwango-2019.

Imibiko ithi kuzoba nomhlangano oyisipesheli we-National Working Committee namhlanje.

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6004 votes
It's four more years for Trump
54% - 7089 votes
Vote
ZAR/USD
16.34
(+0.63)
ZAR/GBP
21.37
(-0.28)
ZAR/EUR
19.36
(+0.54)
ZAR/AUD
11.59
(+0.07)
ZAR/JPY
0.16
(-0.06)
Gold
1921.90
(+0.62)
Silver
25.04
(+1.24)
Platinum
890.00
(+2.18)
Brent Crude
43.05
(+1.28)
Palladium
2403.50
(+0.59)
All Share
55268.46
(-0.01)
Top 40
50826.07
(-0.05)
Financial 15
10057.51
(+1.02)
Industrial 25
74841.11
(-0.96)
Resource 10
54184.82
(+0.74)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo