Durban - Lowo owayengumengameli eNingizimu Afrika uJacob Zuma uyindoda emadodeni, kusho okhulumela uMkhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA), uCarl Niehaus ngoLwesihlanu.
"Ngokwami uyindoda emadodeni. N Noma yikuphi ukucindezeleka abhekene nakho, awuboni ukutyhi kunenkinga," kusho uNiehaus etshela abezindaba i-ANA ngaphandle kwaseNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho okulindeleke khona ukuba uZuma avele ngamacala enkahlakalo.
OLUNYE UDABA:UCele wexwayise ngokweseka uZuma enkantolo
UZuma uzobe ephendula ngamacala angu-16 enkohlakalo nathinta isivumelwano sango -1990 sezigidigidi zamarandi sokuthengwa kwezikhali (arms deal).
UNiehaus utshele abezindaba ngomlando wakhe noZuma nangendlela abhekana ngayo nengcindezi.
Uthe uzobe eseka uZuma enkantolo futhi useneminyaka engu-27 azana noZuma.
- African News Agency