UZuma wadumela intatheli, wayicindezela odongeni wase eyiqabula, kusho incwadi

Johannesburg – Encwadini ezophuma maduze exoxa ngoFezekile Ntsukela Kuzwayo, kuvela imininingwane esola uMengameli Jacob Zuma “ngokudumela intatheli, wayicindezela odongeni wase eyiqabula”.

Le ncwadi esihloko sithi Khwezi, ebhalwe yilowo owayengumsakazi we-702 uRedi Tlhabi, ixoxa ngesigameko lapho uMengameli Zuma amemela khona intatheli yesifazane emzini wakhe oseForest Town, okungumuzi ofanayo nalowo uKhwezi asola uZuma ngokumdlwengulela kuwo.

Ngokubika kweSowetan, kuthiwa le ntatheli elingeke lidalulwe igama layo, yamenywa nguMengameli kulandela umhlangano weSouth African National Editors’ Forum ukuze bezoba nengxoxo “ekhethekile ngezinto ezibucayi” phambi komuntu amethembayo.

Kuthiwa bafika emzini kaZuma, wabe eseyalela le ntatheli ukuba imphelezele aye kwelinye igumbi ngoba “kukhona into afuna ukuyitshengisa yona”, kuchaza le ncwadi.

OLUNYE UDABA: UKhwezi singamfanisa nemvu yomhlatshelo – DA

Yize le ntatheli yayingazizwa kahle ngalokhu, ayizange inake.

“Le ntatheli yamlandela, wabe esevula elinye igumbi yathi uma ingena yabona ukuthi kusekamelweni likaMengameli lokulala. Kwathi kusenjalo yezwa izandla zikaZuma seziyangile, uMengameli eseyincindezela odongeni wabe eseyiqabula isikhathi eside emlonyeni.

“Umhlane wale ntatheli wawuncike emnyango, yathi ukushaqeka ngesikhathi ulimi lukamengameli selingena emlonyeni wayo,” kuloba uThlabi kule ncwadi.

Uqhuba ngokuthi le ntatheli yagcina ikwazile ukuphunyula, noZuma wayiyeka kodwa elokhu emamatheka.

Kuthiwa yatshela uZuma ukuthi isesikhathini, wathi kulungile “bazophinde bazame ngesikhathi esizayo”.

Le ntatheli ithi yayingamkhohlwa uKhwezi ngesikhathi ebika udaba lwakhe, kepha ngemuva kwalesi sigameko yabona ukuthi kusho ukuthi wayekhuluma iqiniso.

UKhwezi wasola uZuma ngokumdlwengula ngo-2005, waphuma phambili ecaleni ngo-2006.

UKhwezi wadlula emhlabeni ngonyaka owedlule.

 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Would you choose to continue working from home after the coronavirus lockdown if given the option?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, it's much better for me
40% - 7837 votes
No ways! I can't wait to get back to the office
12% - 2284 votes
A mixture of both would suit me best
48% - 9506 votes
Vote
USD/ZAR
14.17
(-1.6)
GBP/ZAR
19.52
(-1.6)
EUR/ZAR
16.95
(-1.7)
AUD/ZAR
10.98
(-1.2)
JPY/ZAR
0.13
(-1.4)
Gold
1,763.25
(+1.6)
Silver
25.84
(+1.7)
Platinum
1,196.50
(+1.9)
Brent Crude
66.58
(+4.6)
Palladium
2,745.14
(+2.5)
All Share
67,823
(+0.0)
Top 40
62,080
(-0.0)
Financial 15
12,342
(+1.5)
Industrial 25
88,642
(-0.2)
Resource 10
68,828
(-0.3)
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo